                                     1

                       ISINGENISO: INHLALO OKUHLALWA 

                            PHAKATHI KWAYO KANYE

                          NOKWAKHIWA FUTHI KABUSHA
"Ukunakela imvelo kungayihlanganisa iningizimu Afrika, ukweqela imincele
kwezobuhlobo ezombangazwe nezomnotho. Phezu kwamanani ezemfundo, izindlu,
umsebenzi kanye nezinye izinkinga, idemokrasi entsha iyosala neyikushiyelwe
ubandlulo ngezemvelo njll. Abozoyiizichaka ababayimihlatshelo wemigomo
kahulumeni ngokwemvelo ebuthakathaka."

Nelson` Mandela, 15 August 1993.

Kungani imigomo yemvelo ibaluleke kangaka ukwenzela intuthuko?

Ngenkathi umbuso omusha wentando yabantu ukhethwa ngo April 1994 wathola
umonakalo phezu kwemvelo owadalwa mbuso wobandlululo.

Uhulumeni omusha ufanele ukuwulungisa lowo monakalo womhlaba, umoya, amanzi
nakubantu imbala. Kodwa khona kusafanele ukuthi ayakhe IRDP futhi yenzeke
ngaphandle kokwenza kalilisa imvelo futhi kungeyethu. Lokhu ngeke kwenzeka
kalula.

Imvelo isinikeza ingcebo yemvelo. lnhlalo esihlala phakathi kwayo ithatha
okulahlwayo.

Uma singavikeli indalo yethu esihlala phakathi kwayo umnotho wethu ngeke
wakhula, uma thina singeke savikela indawo esihlalo kuyo, abantu base
Ningizimu Afrika bazohlupheka futhi kuthi abantu abampofu kube yibona
abayohlupheka ngokwendlulele.

Ngaphansi kobandlululo abangcebo ngezenhlalo yonke ingcebo yemvelo yabiwa
ngokungalingani phakathi kwabantu. Abantu abampisholo bebangavunyelwe
ukuphatha nokusebenzisa ingcebo yemvelo abaseduze nazo. Abamhlophe
abayingcosana bathathe umihlaba omningi, amanzi nokunye okuyingcebo
yemvelo. Umbuso wobandlululo awuzange uzame ukuvikela ingcebo yemvelo yethu
noma impilo yabantu. Lokho kungabonakala kahle kuzindawo zasemakhaya lapho
umhlaba wakhona wonakele khona ngenxa yokuhlala kwabantu abaningi ndawonye
kumhlaba omcane. Kungabonakala futhi ngemifula, engcolile ngaseduzane
kwamasimu kashukela. Futhi nokungcoliseka komoya ezindaweni ezizungeze
yonke imizi enjengeMerebank.

Singeke sakwazi ukuphumelelisa IRDP noma ukwenzangcono izimpilo zabantu
abampofu eNingizimu Afrika ngaphandle kokuba siqaphele inhlalo esihlala
phansi kwayo. Wonke umsebenzi kahulumeni kufanele akukhombise ukuzihlupha
ngezemvelo yethu esihlala phakathi kwayo.

lsibonelo:

lmisebenzi:

Yonke imisebenzi ithembekele phezu kwengcebo yemvelo. Ukuhlanyelwa kokudla
ngokulingene sidinga ukusebenzisa inhlabathi yethu futhi namanzi kangcono.
Umsebenzi wokumba emayini, indawo okutshalwe kuyo imithi futhi noshukela
kudinga amanzi amaningi. Uma ingcebo yemvelo yethu siyisebenzisa kahle
singakwazi nokudala amathuba emisebenzi emisha. Imisebenzi emisha ingakwazi
ukudaleka kwabazokuvakasha nangokulabo abazosebenza ukuthutha udothi.

Amalungelo wabesifazane:

Abesifazane banakekela izimpilo zemindeni yabo, emaphandleni abesifazane
bahamba ibanga elide ngezinyawo futhi bethwele imithwalo enzima ukuze
bakwazi ukuthola izinkuni kanye namanzi. Uma inhlalo okuhlalwa phansi kwayo
yonakele noma engenhle abasifazane abampofu kufanele basebenze ngamandla
ukuze bakwazi ukondla imindeni yabo. lnhlalo okuhlalwa phansi kwayo
enempilo isho lukhulu ngoku ukulingana kwabesifazane.

Ukwakhela abantu izindlu:

Ukwakhela abantu izindlu kungumsebenzi osemqoka kakhulu kuhulumeni` omusha.
Kodwa kufanele sakhe izindlu ezingeke zenzakalisa imvelo yethu. isibonelo:
akufanele bakhe izindlu kumhlaba onothile lapho kungafanela ukuthi
kutshalwe ukudla. Izindlu kufanele zakhiwe ngendlela yokuthi zihlale
zifudumele ebusika. Lokho kuzasho ukuthi nabantu bangeke babase umlilo
wamalahle ukuze bakwazi ukufudumala. Akekho noyedwa ofanele ukuhlala eduzane
nezimboni ezingcolile noma indawo engenampilo lapho kulahlwa khona izibi.

lmpilo no Kulondeka:

lningi labantu base Ningizimu Afrika bathola ukugula ngoba umoya
ungcolisiwe ngaphakathi nanga semacaleni onke kwemizi yabo, ngokuba futhi
abanawo amanzi ahlanzekile. Abesifazane basemaphandleni banenkinga yempilo
ngenxa yokuthwala izinkuni namanzi ibanga elide. Abasebenzi basezimbonini
nasema pulazini nabo banenkinga yempilo ngokusebenza ngokungalondeki.
Abasebenzi bahlupheka ngomoya ongcolile namanzi angcolile ekhaya.

Ukulonda ukudla:

Abalimi basebenzisa umuthi nomanyolo omningi kanye nemithi yokubulala
izilwanyana eziluhlupho ezinsimini zabo. Lokhu kuyingozi kubasebenzi futhi
nakubantu abahlala emaphandleni. Lokhu okulungelana abaningi abakawalungeli
lumhlabathi. Ososayentsi bahlanganisa izitshalo zasendle kanye nezithombo
lezo abalimi abazisebenzisela izilimo zabo ukunyamezela isomiso noma izifo.
Ukuze kwenzeke ukuba siveze ukudla okwanele eNingizimu Afrika esikhathini
esizayo kufanele sivikele izithombo zasendle eziningi ngokwahlukahlukana
kwazo. Ososayensi bangakwazi ukusebenzisa lokhu ukuveza ukudla okungcono.
Kafanele sivikele indawo lapho kukhula khona izithombo. Kufanele futhi
sivikele nezilwane lezo eziphila phakathi kwalezizithombo.

Ukuthengisa umkhiqizo wethu kwamanye amazwe:

Esikhathini esendlule, iningizimu Afrika yayikwazi ukuthengisa impahla
yethu ngentengo ephansi ngokuba i-indasteli kunonkenzeka yayingayikhokhi
intela ekunakekela imvelo. Amanye amazwe awazange asijabulele lesisenzo.
Abafuni ukuthenga impahla eyenziwe ngakolunye uhlangothi idale umonakato
ukuthi kumosheke kwinhlalo esihlala phansi kwayo. Ukuze sikwazi ukuthengisa
kwamamye imikhiqizo yethu kuphumeleleke, kwakumelwe sithole endlela
enhlanzekile ecacile zokwenza lokho.

Izimboni ezingcolisa imvelo zifanele zibhadale ukuyihanza futhi lokho
sikubiza ukuthi umgcolisi uyabhadala.

Imali yokuthuthukisa:

INingizimu Afrika ifuna amanye amazwe afake isandla kwezezimali ukuze
kudaleke amathuba amaningi emisebenzi lapha eningizimu Afrika. Labo bantu
abafuna ukufaka isandla ngemali kuzimboni lezo ezingalimazimvelo. Izimboni
ezihlanzekile kaningi ziba nempumelelo ngoba kaziyoni ingcebo kanti
zinamalekhodi amsulwa empilo nokuphepha kwabasebenzi. Ukusebenzela imvelo
ehlanzekile ingadala kakhulu futhi nobungcono bomsebenzi eminingi engcono.

AmaPaki nezindawo zemvelo:

Wonke umuntu unalo ilungelo lokuzijabulisa ngemvele. Kusemqoka ukulondoloza
izilwane zasendle futhi nezindawo lopho zihlala khona Kodwa imvelo akuyona
nje indawo yezilwan kuphela. ihambelana nempilo emadolobheni yindawo
yemithunzi yezihahla, iyindawo yokudlalela izingane, lapho kuphumula khona
abadala neyokukhunjulwa liyipaki labantu nendawo yokujatshulelwa. Sidinga
amapaki azokwenza kube nempilo endaweni yethu.

Ukugcina imvelo:

INingizimu Afrika inamapaki amaningi lapho kukhona khona izithombo
nezinyamazane okulondiwe. Kodwa kukhona izindawo eziningi nazo ezifanele
kulondolozwe. Eminyakeni eyendlule abanye abantu baphoqelelwa ukuba basuswe
ezindaweni ababehlala kuzona ukuze kwenziwe lamapaki. Abantu abahlala eduze
nawo lamapaki abazange bathole imisebenzi noma imali kulawomapaki, baze
bangavunyelwa nokusebenzisa ingcebo yemvelo esemapakini lawo.

Amapaki nezindawo zokulonda izinyamazane kungaveza imisebenzi kubantu
abahlala duzane nazo. Zingakwazi ukunikeza abantu abathile izindawo
zokutshengisa ubuciko babo kanye nemisebenzi yezandla zabo. Abantu
basemaphandleni bangakwazi ukwakha izidawo zokahlala zabavakashi.
Imiphakathi yasemakhaya kufanele ibenesabelo enkambisweni yezindawo
ezigodliwe zezilwane maduzane nabo.

Ukugcinwa kwezingane zethu:

Uhulumeni wobandlululo akazange azigqize qakala ngokuqinsekisa ukuba kusale
ingcebo yemveko ezinganeni zethu. Kufanele siphile ngendlela ezokwenza
ukuthi kubekhona ingcebo yemvelo ezosalela abantu abazoyisebenzisa
ngesikhathi esizayo. Kufanele senze isiqinisekiso sokuthi ingcebo yemvelo
iyahlukaniswa phakathi kwabo bonke abaseNingizimu Afrika. Kufanele futhi
senze isiqiniseko sokuthi kukhona okwanele okuyosalela inzalo ezolandela.

  ------------------------------------------------------------------------
Okuphakathi
